Ukusingatha impahla yengane engakakwazi ukuzimela nabanye abangakwazi ukuphatha izindaba zabo.
Umeluleki ngumuntu oqokwe wuMphathi weNkantolo noma yiNkantolo ukuba asingathe impahla yengane engakakwazi ukuzimela.
Izingane zithathwa njengabantu abanokukhubazeka ngenxa yokuthi umthetho uthatha ngokuthi abakwazi ukuziphathela izindaba zabo. Uma benempahla laba bantu, kubalulekile ukuba othile abagcinele ifa. Ngokuvamile, ingane inabazali abagada impahla yayo nezindaba ezithinta yona, ngakho asikho isidingo sokubaqoka ngoba bayigazi layo. Kodwa kuyenzeka izingane zingabi nabantu abazigadile noma abazali bese kuba nesidingo sokuqoka umeluleki wengane ozoyigadela ifa noma impahla. Noma ingane inaye umgadi wemvelo, inkantolo isenganquma ngenye indlela. Uma impahla yengane ibandakanya imali efakwe esikhwameni somqaphi, asikho isidingo sokuqoka umeluleki wokugada impahla nakuba kungenzeka aqokwe umeluleki. Ukuqokwa komeluleki ezindabeni zengane kudlala izindima ezimbili ngaphansi kwalesi simo.
Ukunakekela isimo nempilo yengane engakakwazi ukuzimela.
Isimo saseNingizimu Afrika siqonda ukuthi umntwana ongakakwazi ukuzimela wumuntu oneminyaka engaphansi kwengama-21 nongakhululiwe yisimo somshado noma wumyalelo wenkantolo.
Isikhalo esifakwa eNkantolo.
Ifomu le-J243 echaza izimpahla zomntwana ongakakwazi ukuzimela.
Ukuqokwa komuntu ofanele ukuba wumeluleki, eqokwa yisihlobo sengane (imvama abaqokiwe bethulwa emhlanganweni obizwe wuMphathi weNkantolo ngenhloso yokudingida lolu daba).
Isicelo sokuqokwa njengomeluleki ngefomu-le- J197.
Lowo osekhona obheke ingane (umzali osaphila) ongephuciwe yinkantolo ilungelo lokubheka ingane.
Umama wengane ezalelwe ekhaya ongephuciwe yinkantolo ilungelo lokubheka leyongane engakakwazi ukuzimela.
Umzali onikwe yinkantolo ilungelo lokubheka ingane engakakwazi ukuzimela.
Iwili lapho eqokwa khona umeluleki kufanele ibhaliswe ngendlela efanele futhi yemukelwe wuMphathi weNkantolo.
Kufanele kwethulwe inani lesikhashana lezimpahla zengane kufomu le-J243.
Umbiko ochaza ukuthi umeluleki oqokiwe wakhethwa ngumuntu onegunya embhalweni oqukethwe yiwili nokuthi lowo muntu owabhala iwili wayenelungelo lokwenza njalo.
Isibophezelo nesibambiso sesiqiniseko someluleki oqokiwe esiqukethwe yifomu- J262 ngaphandle uma umeluleki exolelwe yiwili ukuba angethuli isibambiso.
Inkantolo njengombheki wezingane onamandla amaningi, engaqoka umuntu njengomeluleki oyonakekela isimo nempilo yengane nokusingatha impahla namafa ayo.
Kuvame ukuba ngumuntu onentshisekelo ofaka isicelo enkantolo. Ngemuva kokuthola isicelo, inkantolo iqoka umgadi--mafa ngenhloso yokuvikela amalungelo engane engakakwazi ukuzimela ukuze aphenye isimo nokuthi sifanele kanganani isicelo. Umgadimafa noMphathi weNkantolo kufanele bethule imibiko enkantolo.
Uma inkantolo isicubungule isicelo yase iqoka umeluleki, Umphathi weNkantolo kufanele aqalise isinqumo senkantolo ngokukhipha Izincwadi Zomeluleki nokumgunyaza ukuba aqale njengomeluleki.
Umbhalo ofanayo wesicelo sasenkantolo ohambisana nemibiko ekhishwe wumgadimafa nokaMphathi weNkantolo.
Isinqumo senkantolo sokuqoka umeluleki.
Ifomu le- J242 equkethe inani lezimpahla namafa engane.
Isibophezelo nesibambiso sesiqiniseko someluleki oqokiwe esiqukethwe yifomu le- J262 ngaphandle uma exolelwe yinkantolo ekwethuleni leso sibambiso.
Ukusingatha amafa abantu abashonile abangakwazi ukuziphathela izindaba zabo.
Abantu abachazwe yinkantolo njengabasaphaza impahla.
Ukusingatha amafa abantu nempahla esemthethweni edliwe wuPhiko oluXhwitha Impahla ngomyalelo wenkantolo.
Ukusingatha amafa omuntu ongekho (umuntu ongaziwa ukuthi ukuphi nongenaye ummeli wakhe eNingizimu Afrika).
Akuyona inkundla yoMphathi weNkantolo ukuqoka umuntu obheka ingane noma lowo ogade isimo nempilo yengane.
Inkantolo Ephakeme ingaqoka umuntu ngaphandle kwesihlobo sengane njengomuntu oyosiza ingane. Ngokufanayo, inkantolo ePhakeme ingephuca lowo muntu osiza ingane ilungelo lokuba wumsizi waleyo ngane.
Maqondana nokulondolozwa kwengane ethintekayo, uMthetho wokuNakekelwa kweZingane WeNo- 74 ka- 1983 uhlinzeka ukuthi Ukhomishani weNhlalakahle yeZingane esifundeni esihlala ingane aqoke umuntu oyogcina ingane engakakwazi ukuzimela, uma kutholakala ngemuva kophenyo ukuthi leyo ngane idinga ukunakekelwa.
Isigaba- 14 soMthetho wokuNakekelwa kweZingane uneka isimo lapho ingane ithathwa khona ngokuthi idinga ukunakekelwa kanti sibandakanya isimo sengane enganabo abazali noma oyibhekile noma isimo lapho abazali bayo bengatholakali.
Lowo oqokwe yiKhomishani yezeNhlalakahle ngumuntu onakekela ingane zonke izinsuku. Noma kunjalo, ogada ingane akanalo ilungelo lokusingatha amafa engane engakabi nawo amandla okuzimela.
